Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 24:1 - IsiZulu 2020

1 “Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Nxa indoda ithatha umfazi, imthathe, bese kuthi lapho engasenamusa emehlweni ayo, ngokuba ifumene ukungcola kuye; makambhalele incwadi yesahlukaniso, amnike yona, amkhiphe endlini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 24:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma indoda ithatha omunye umfazi, kufanele umfazi wokuqala iqhubeke nokumnikeza ukudla nezingubo njengakuqala, namalungelo akhe obufazi angaguquki.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.


“USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Phela ngiyasizonda isehlukaniso, nozimbathisa ngobudlova bube yingubo yakhe,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. Ngalokho-ke qaphelani emoyeni wenu ukuba ningakhohlisi.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu ephambuka, angethembeki kuye,


Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe, athole abantwana.


Kepha uJosefa, indoda yakhe, ngenxa yokuba engumuntu olungileyo, akathandanga ukumthela ngehlazo, wayefuna ukuhlukana naye ngasese.


“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahlwe yindoda yakhe, uyaphinga.


“Uma indoda inabafazi ababili, omunye eyintandokazi, omunye eyisaliwakazi, bayizalele amadodana, bese kuthi indodana eyizibulo ibe ngeyalowo oyisaliwakazi,


“Uma indoda ithatha intombi iyigane, ilale nayo, bese iyayizonda,


ayihlawulise amashekeli esiliva ayikhulu, awanike uyise wentombi, ngokuba ukhulume kabi ngentombi yakwa-Israyeli. Iyakuba ngumkakhe; akayukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


indoda ebilale nentombi iyonika uyise wentombi amashekeli esiliva angama-50, bese iba ngumkayo, ngokuba iyonile. Ayiyukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwayo.


Uma esephumile endlini yakhe, angahamba-ke abe ngowenye indoda.


Uma indoda yesibili ingasamthandi, iyombhalela incwadi yesehlukaniso, imnike yona esandleni, bese imkhipha endlini yayo, noma le ndoda yesibili ebimthathile waba ngumkayo ingafa,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka