UDuteronomi 22:1 - IsiZulu 2020 “Awuyukuyiyekela inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ushaye sengathi awuziboni, kodwa uyozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungaboni izinkomo zomfowenu nomhlambi wakhe uzulazula, uzicashe kuwo; kufanele uzibuyisele kumfowenu noma kunjalo. |
Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo; ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele. Ungcono umakhelwane oseduze kunesihlobo esihlala kude.
Opha ompofu akayukuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?
Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.
“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.
Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla.
Uma abantu balelo lizwe bethalalisa, benza sengathi ababoni lapho enikela ngenzalo yakhe kuMolekhi, bengambulali lowo muntu,
noma ethola into ebilahlekile bese eyiphika, noma afunge ngenkohliso mayelana nanoma yikuphi kwalokho akwenzileyo, uyona.
“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Yehlulelani izehlulelo eziliqiniso, nibe nokwethembeka nozwelo, kube yilowo nalowo komunye.
Kepha uJesu waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”
Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose, ukuthi: “Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula okusanhlamvu.” Ngabe uNkulunkulu ukhathalela izinkabi yini na?
Uma umfowenu engekho eduze nawe futhi ungamazi, uyoziyisa endlini yakho zibe kuwe, aze umfowenu azifune kuwe, bese uzibuyisela kuye.
ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.