Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 22:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Awuyukuyiyekela inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ushaye sengathi awuziboni, kodwa uyozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ungaboni izinkomo zomfowenu nomhlambi wakhe uzulazula, uzicashe kuwo; kufanele uzibuyisele kumfowenu noma kunjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 22:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bophule abayiswa ekufeni; abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.


Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo, ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.


Opha ompofu akayikuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.


Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?


Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.


Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.


Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni.


Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,


noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,


“Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,


kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.


Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”


Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?


Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.


ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka