Niyakuyibhubhisa yonke imizi ebiyelweyo, yonke imizi yekhethelo. Niyakugawula yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, zonke iziqinti zomhlaba wakhona nizenze incithakalo ngamatshe.”
UDuteronomi 20:19 - IsiZulu 2020 “Uma uvimbezela umuzi isikhathi eside ulwa nawo ukuze uwudle, awuyukuzicekela phansi izihlahla ngokuzigawula ngezembe, ngokuba uyakudla kuzo; ungazigawuli, ngokuba isihlahla sasendle singumuntu yini ukuba ungaze usihlasele, na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe, awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe, ngokuba ungadla kuyo; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na? Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuze uwuthathe, akumelwe nichithe imithi yawo ngokuyigalela ngezembe; ngoba ungadla kuzo, ungazigawuli. Umuthi wasendle ungukuphila komuntu) ukuzisebenzisa ekuvinjezelweni; |
Niyakuyibhubhisa yonke imizi ebiyelweyo, yonke imizi yekhethelo. Niyakugawula yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, zonke iziqinti zomhlaba wakhona nizenze incithakalo ngamatshe.”
Babhubhisa imizi, iziqinti zomhlaba zonke ezinhle, kwaba yilowo nalowo wajikijela itshe lakhe, zaze zagcwala. Bavimba yonke imithombo yamanzi, bagawula yonke imithi emihle, kwaze kwasala kuphela amatshe aseKhiri Hareshethi. Kepha ababephethe izindwayimane balizungeza, balibhubhisa.
Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.
Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.
Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.
Izihlahla ozaziyo ukuthi aziyizo ezezithelo ezidliwayo, uyakuzibhubhisa, uyakuzigawula, wakhe ngazo izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwunqobe.”