Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:6 - IsiZulu 2020

6 AbaseGibhithe basiphatha kabi, basihlupha, basisebenzisa kanzima kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 AbaseGibithe basincenga ngokuthukuthela, basicindezela, basigqilaza kanzima.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:6
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.


“Lapho nibelethisa abesifazane bamaHebheru sebesesigqikini sokubeletha, nibona ukuthi ngumfana, niyakumbulala, kodwa uma kuyintombazane niyiyeke iphile.”


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Kwaba khona inkosi entsha eGibhithe eyayingamazi uJosefa.


Izinduna zabakwa-Israyeli zazibonela ukuthi zisengxakini engakanani lapho kuthiwa kuzo: “Aniyukulehlisa inani lezitini enilenza ngosuku.”


Selokhu ngaya kuFaro ukuyokhuluma egameni lakho, ubaphatha kabi laba bantu, futhi awubakhululi abantu bakho.”


Mawenziwe nzima umsebenzi kubo yikhona bezonaka wona, bangawalaleli amazwi adukisayo.”


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka