okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,
UDuteronomi 2:11 - IsiZulu 2020 Nabo njengama-Anaki, kwakuthiwa ngamaRefa, kodwa abakwaMowabi babebabiza ngama-Emi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi. Contemporary Zulu Bible 2024 nabo babebalwa njengamaRefa njengama-Anaki; kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi. |
okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,
Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.
U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.
Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.
Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.
Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”
Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’
Nalelo kwakuthiwa yizwe lamaRefa, ngoba amaRefa ahlala kulo kuqala. Abakwa-Amoni babewabiza ngokuthi ngamaZamuzumi,
Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.
abantu abakhulu nabade, abozalo lwama-Anaki obaziyo, ozwile ngabo kuthiwa: ‘Ngubani ongema phambi kwabozalo luka-Anaki na?’