Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 14:5 - IsiZulu 2020

5 okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngomnyaka weshumi nane uKedori-Lawomere namakhosi ayenaye beza, bawachitha amaRefa e-Ashiteroti-Karnayimi, namaShushi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 14:5
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lawo makhosi ayekade ekhonze kuKhedoloma iminyaka eyi-12, kodwa kuthe ngonyaka we-13 amvukela,


lamaHithi, lamaPherizi, lamaRefayi,


Kwase kwehla abathathu kwabangama-30, abayizinhloko, bafika kuDavide esemgedeni e-Adulamu ngesikhathi sokuvuna. Impi yamaFilisti yayikanise esigodini samaRefa.


AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa.


AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa.


Kwathi ngesikhathi amabutho amaFilisti ekanise eSigodini samaRefa, kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingama-30, baya etsheni kuDavide, emgedeni wase-Adulamu.


AmaFilisti esegasele esigodini samaRefa,


Bathola idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala ngabakwaHamu.


U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.


Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe phakathi kwabo, ezweni likaHamu.


izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.


Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.


Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.


Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!


eKiriyathayimi, eBhethi Gamuli, naseBhethi Mehoni;


Abozalo kukaRubeni bakha kabusha iHeshibhoni, i-Elehale, iKiriyathayimi,


Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


Ingxenye esele yakwaGileyadi, nalo lonke iBhashani, umbuso ka-Ogi, lokho ngakunika ingxenye yesizwana sakwaManase, sonke isifunda i-Arigobhi neBhashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.


USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’


Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’


nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,


wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.


iKiriyathayimi, iSibhima, iZerethi Shahari egqumeni lesigodi,


nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka