UDuteronomi 17:8 - IsiZulu 2020
“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.
Uka jalj uñjjattʼäta
“Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
Uka jalj uñjjattʼäta
Uma kuphakama icala kini elinzima kakhulu enkantolo, phakathi kwegazi negazi, naphakathi kokunxusa nokunxusa, naphakathi kokushaywa nokushaywa, okuyindaba yombango phakathi kwamasango enu; khona-ke uyakusukuma, ukhuphukele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha;
Uka jalj uñjjattʼäta