Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:14 - IsiZulu 2020

14 kodwa niyonikela ngeminikelo yenu yokushiswa endaweni uSimakade ayakuyikhetha kwesinye sezizwana zenu, nikwenze khona konke enginiyala ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa endaweni uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, lapho uyakunikela ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:14
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma laba bantu beqhubeka benyuka beyonikela imihlatshelo endlini kaSimakade eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu ingahle iphindele enkosini yabo, uRehobhowamu, inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobhowamu, inkosi yakwaJuda.”


ukuba amehlo akho ayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ ukuze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uSimakade uNkulunkulu wethu;” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-althare akhe uHezekiya akususile, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli althare eJerusalema na?”


UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.


Hubelani uSimakade ohlezi eZiyoni; memezelani izenzo zakhe phakathi kwabantu.


yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli oyohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi enkanjini, noma ayihlabele ngaphandle kwenkambu,


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo,


“Ningahlaba, nidle inyama phakathi kwayo yonke imizi yenu njengesifiso senhliziyo yenu nanjengesibusiso uSimakade uNkulunkulu wenu aniphe sona phakathi kwamasango enu. Ongcolileyo nohlambulukileyo bayokudla kukho njengalokhu benza kweyensephe neyendluzele.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.


Wena nabendlu yakho, niyolidla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, iminyaka ngeminyaka, endaweni uSimakade ayakuyikhetha.


Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.


“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.


“Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade,


lapho wonke u-Israyeli eze ukubonakala phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni Yena ayoyikhetha, uyofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke elalele.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


“Makube kude nathi ukuhlubuka uSimakade sichezuke namuhla ekulandeleni uSimakade ngokwakha i-althare lomnikelo wokushiswa nowokusanhlamvu noma umhlatshelo, kunalelo althare likaSimakade uNkulunkulu wethu eliphambi kwethabanakeli lakhe.”


Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka