Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.