Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 7:6 - IsiZulu 2020

“Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Emva kwalokho ngabona, bheka, enye ifana nengwe, inamaphiko amane enyoni emhlane wayo; isilo sasinamakhanda amane; lanikwa ukubusa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 7:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe ezinkulu, lunezimpaphe eziningi ezinemibala eyehlukeneyo, lwafika eLebhanoni, lwathatha isihloko somsedari,


Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho sengisukile kuso, kuyofika isikhulu saseJavani.


“Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.


“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


Ngase ngiba njengebhubesi kubo, ngacutha endleleni njengengwe.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.