Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
UDaniyeli 5:8 - IsiZulu 2020 Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke bonke abahlakaniphileyo benkosi bangena, kodwa babengakwazi ukuwufunda umbhalo, futhi abazange babonise incazelo yawo enkosini. |
Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.
“Mawadliwe yinkemba amaKhaledi, abakhileyo eBhabhele, izikhulu zalo, nezihlakaniphi zalo.
UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.
“Leli phupho ngalibona mina, Nebukhadinezari. Wena-ke Bhelitheshazari, yisho incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami abakwazanga ukungitshela incazelo, kepha wena ungakwenza lokho, ngokuba umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe.”
Kwase kufika izanusi, abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kodwa bahluleka ukungichazela lona.
Manje-ke kulethwe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukungitshela incazelo yale ndaba.