Bonke abebekade bemenywe ngu-Adoniya besaba, basuka bonke bahamba, kwaba yilowo nalowo wabamba abeze ngayo.
UDaniyeli 5:4 - IsiZulu 2020 Baphuza iwayini, badumisa onkulunkulu begolide, abesiliva, abethusi, abensimbi, abomuthi nabetshe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe. Contemporary Zulu Bible 2024 Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nezokhuni, namatshe. |
Bonke abebekade bemenywe ngu-Adoniya besaba, basuka bonke bahamba, kwaba yilowo nalowo wabamba abeze ngayo.
Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethembela ezithombeni ezibaziweyo, abathi ezithombeni ezibunjiweyo: ‘Ningonkulunkulu bethu.’
“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.
Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.
Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.
kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.
Base beziletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini eliyindlu kaNkulunkulu, eJerusalema; inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.
Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.
Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi kwabokuqala kwabathunjwayo, kuphele ukutamasa kwabanethezekile.
Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’ athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’ Kungafundisa yini lokhu na? Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva, akukho kuphefumula kukho.
“Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.