UDaniyeli 5:12 - IsiZulu 2020 ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe, nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umoya omuhle kakhulu, nokwazi, nokuqondisisa, nokuchaza amaphupho, nokumemezela izahlulelo ezilukhuni, nokususa imibuzo kuDaniyeli lowo inkosi eyambiza uBeliteshasari; makukhulunywe ngaye uDaniyeli, aveze incazelo. |
Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.
Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBhelitheshazari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazelo yalo na?”
Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.
Kepha kwathi ekugcineni kweza kimi uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, okuyigama elifana nelikankulunkulu wami, okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:
Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.
Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”
UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.
Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye.
engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.