UDaniyeli 3:5 - IsiZulu 2020 ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igenkle, ihabhu, umqangala, ugubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa; niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho nizwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu, nehabhu, nehabhu, nehabhu, nazo zonke izinhlobo zezinsimbi zomculo, niwela phansi nikhuleke esithombeni segolide inkosi uNebukadinesari esimisileyo. |
Inkosi uNebukhadinezari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.
Wena nkosi ukhiphe isimemezelo sokuthi bonke abantu abezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo bawe phansi, bakhuleke esithombeni segolide,
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”
Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo; bonke abantu, izizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukhadinezari, inkosi.