UDaniyeli 2:40 - IsiZulu 2020 Umbuso wesine uyakuqina njengensimbi, ngokuba insimbi ichoboza, igxobe konke; nanjengensimbi ekwaphula konke lokhu, uyakugxoba, waphule. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umbuso wesine uyakuqina njengensimbi, ngokuba insimbi ichoboza, igxobe konke; nanjengensimbi ekwaphula konke lokhu, uyakugxoba, waphule. Contemporary Zulu Bible 2024 Umbuso wesine uyakuba namandla njengensimbi, ngokuba insimbi iphahlaza, ithobe konke; futhi njengensimbi ewuqhekeza wonke, uyophuka futhi uphahlaze. |
imilenze yaso iyinsimbi, ingxenye yezinyawo zaso kuyinsimbi, enye ingxenye kuyibumba.
“Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.
Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani; ingxenye iyibumba lombumbi, ingxenye iyinsimbi, uyakuba ngumbuso owehlukeneyo, kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.
“Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.
Iyakuba namandla amakhulu, kungengamandla ayo uqobo; iyakubhubhisa ngokumangalisayo, iyakuphumelela, iyakwenza, iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.
Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.
Uma simyeka, bonke bazakukholwa kuye, bese kufika amaRoma asithumbe, athathe nethempeli lethu nesizwe sakithi.”