Izinqaba eziphakemeyo ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa, ziyakuwiselwa phansi zidicilelwe emhlabathini, ngisho othulini imbala.
UDaniyeli 11:10 - IsiZulu 2020 Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa amadodana akhe ayovuswa futhi abuthele ndawonye isixuku samabutho amakhulu; omunye ngokuqinisekile uyofika futhi akhukhule akhukhule; khona-ke uyobuya futhi afike enqabeni yakhe ematasa. |
Izinqaba eziphakemeyo ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa, ziyakuwiselwa phansi zidicilelwe emhlabathini, ngisho othulini imbala.
Ngamandla esifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.
Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe.
“Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, abahlule.
Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.
Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.