Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 11:11 - IsiZulu 2020

11 “Inkosi yaseningizimu iyakuvutha ulaka, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Inkosi yaseningizimu iyakubaba, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Inkosi yaseningizimu iyakuzonda, iphume, ilwe nayo, inkosi yasenyakatho; futhi iyovusa isixuku esikhulu; kepha isixuku siyakunikelwa esandleni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 11:11
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, kwasondela umphrofethi ku-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku esikhulu? Ngizosinikela esandleni sakho namuhla, ukuze wazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Umuntu kaNkulunkulu wayesesondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngenxa yokuba ama-Aramu athe uSimakade unguNkulunkulu wezintaba, akasiye uNkulunkulu wezigodi, ngizosinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Manje nginikela wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, futhi ngimnika nezilwane zasendle ukuba zimkhonze.


Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.


“Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.


Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukwenzakalisa nokubhubhisa abaningi.


“Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo, yebo, sibe namandla kunayo, sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.


Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yaba nolaka olukhulu, yayishaya inqama, yazephula izimpondo zayo ezimbili. Inqama ayibanga namandla okuma phambi kwempongo, kodwa yayiqumba phansi, yayinyathela, akwaze kwaba bikho ongayihlenga esandleni sayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka