Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.
UDaniyeli 10:2 - IsiZulu 2020 Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalezo zinsuku mina Daniyeli ngalilela amasonto amathathu agcwele. |
Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.
Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”
Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?
“Thokozani neJerusalema, nethabe nalo nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo, nina nonke enilililelayo,
Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.
Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.
UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.
Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha.
Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.