Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 9:15 - IsiZulu 2020

15 UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 9:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?”


Akekho ochibiyela ngendwangu entsha engutsheni endala, ngokuba isichibi sizoyiklebhuka ingubo endala, bese imbobo yanda kakhulu.


UJesu wathi kubo: “Kambe ikhetho lingazila yini umyeni esahlezi nalo na? Phinde neze, alisoze lazila uma umyeni esenalo.


Kepha izinsuku ziyeza, lapho umyeni ezakususwa kulo; yilapho-ke lizakuzila ngalolo lusuku.


Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona.


Kepha uJesu wathi kubo: “Ikhetho ningalenza yini lizile nxa umyeni esenalo na?


Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.”


Ngokuba ngikhulume lokhu kini, inhliziyo yenu isigajwe wusizi.


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo.


Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.


Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze.


Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe labo abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi futhi kimi: “Lawo ngamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka