Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 10:3 - IsiZulu 2020

3 Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Angidlanga sinkwa esihle, kwakungekho nyama nawayini emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu apheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 10:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.


Inhliziyo yakhe iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uyakwenyanya ukudla akade ekufisa.


Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.


Nonkulunkulu babo nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibhithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akupheli okubekiweyo ngobuningi, nakho konke okuyigugu.


Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,


Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka