Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
UDaniyeli 1:9 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wamenzela uDaniyeli umusa nesisa enduneni yabathenwa. |
Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
uthethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abaphambuke kuwe ngazo, ubenzele ukuba bathole isihe phambi kwababathumbileyo, babaphathe ngesihe,
Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.
U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele.
Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.
Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.
Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.
Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuthi buxhozekile kunobabafana abangontanga yenu, bese nibeka impilo yami engcupheni enkosini.”
Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.