Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 1:7 - IsiZulu 2020

Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 1:7
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wamqamba uJosefa ngokuthi unguZafenathi Phaneya, wayesemganisela u-Asenathi indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. UJosefa walithola kanjalo igunya phezu kwalo lonke iGibhithe.


UFaro Nekho wabeka u-Eliyakimi, enye indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikayise. Wamguqula igama kwaba nguJehoyakimi. Wamsusa uJehowahazi eRibhila wamyisa eGibhithe, waze wakhothamela khona.


Inkosi yaseBhabhele yabeka uMathaniya, uyisekazi, waba yinkosi esikhundleni sakhe, yaliguqula igama lakhe waba nguZedekiya.


Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, ngenkathi sebemi phambi kwenkosi.


Inkosi yakhuluma ku-Ashiphenazi, induna yabathenwa bayo, ukuba athathe kubantu bakwa-Israyeli abozalo lwenkosi nezikhulu, abalethe kuyo.


Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBhelitheshazari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazelo yalo na?”


UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBhabhele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.


Ngase ngifikelwa yiphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono emqondweni wami yangesabisa.


Kepha kwathi ekugcineni kweza kimi uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, okuyigama elifana nelikankulunkulu wami, okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:


ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”