IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:10 - IsiZulu 2020 Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngiludonga, amabele ami anjengemibhoshongo; ngase nginjengomngane othandekayo emehlweni akhe. |
Intamo yakho ifana nombhoshongo kaDavide onemigqa okuphanyekwa kuyo izikhali; inkulungwane yamahawu iphanyekwe kuwo, zonke izihlangu zamaqhawe.
Amabele akho amabili anjengamazinyane, izixhumo zendluzelakazi ezingamaphahla, ziklabe phakathi kweminduze.
USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni. Wasiqashisela abalindi; yilowo nalowo mlindi wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, ngezithelo zaso.
“Abezizwe bayakwakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, manje sengiyakuhawukela ngomusa wami.
Wande njengehlumela lasendle. Ngakwenza wakhula, waba muhle kakhulu; wahlosa amabele, wamila izinwele, kodwa wawunqunu, uhamba ze.
Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.