Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:11 - IsiZulu 2020

11 USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni. Wasiqashisela abalindi; yilowo nalowo mlindi wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, ngezithelo zaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; wasinika isivini kubaphathi; baletha, kwaba yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; isivini wasinika ababonisi; kwaba yilowo nalowo ngokwezithelo zawo ukuletha amashekeli ayinkulungwane esiliva.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:11
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esebhekise kuSara wathi: “Bheka, umfowenu ngimnike izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, eziyinhlawulo engishweleza ngazo ngesiphosiso asenze phambi kwabo bonke ohamba nabo, wena awunacala.”


Ngenza imisebenzi emikhulu, ngakha izindlu, ngazitshalela nezivini.


Ningabuki ukuthi ngimnyama, ngifuswe yilanga. Amadodana esizalwa mfazi munye nawo, angithukuthelele, angenza umlindizivini, ngangabe ngisasilinda esami.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Masivuke ekuseni siye ezivinini, siyobona ukuthi umvini usuqhakazile, nezimbali zawo sezivulekile, nokuthi amahananadi asekhahlele. Kulapho ngiyokunikeza khona uthando lwami.


Isivini sami siphambi kwami, inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.


Kuyothi ngalolo lusuku yonke indawo lapho bekumila khona imivini eyinkulungwane, ithengise inkulungwane yezinhlamvu zesiliva, kumile ameva namakhakhasi.


UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka