Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,
IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:14 - IsiZulu 2020 inadi nesafroni, nomhlanga nesinamoni, nazo zonke izihlahla zenhlaka, zemure, zenhlaba, nazo zonke izinhlobo zamakha ekhethelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE inadi* nesafroni,* nomhlanga nokinamona,* kanye nemithi yonke yenhlaka, nemure* nomhlaba, nawo onke amakha amahle. Contemporary Zulu Bible 2024 inadi nesafroni; ukala, nesinamoni, kanye nayo yonke imithi yenhlaka; imure nenhlaba kanye nazo zonke izinongo eziphambili; |
Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,
Yanika inkosi amatalenta ayi-120 egolide, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kuphinde kufike amakha amaningi kangaka njengalawo indlovukazi yaseShebha eyawapha inkosi uSolomoni.
Indlovukazi yaseShebha yanika inkosi amathalenta egolide ayi-120, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akukho omunye owake wanika inkosi uSolomoni amakha amaningi njengalawo awaphiwa yindlovukazi yaseShebha.
Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.
“Thatha izinongo zekhethelo: imure engamashekeli angama-500, isinamoni engama-250, ikalamu elinuka kahle elingama-250,
Ngesikhathi inkosi isahleli etafuleni layo, inadi lami lathaphuka iphunga lalo.
Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?
Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, ngizoya entabeni yemure nasegqumeni lenhlaka.
Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.
Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.
“ ‘AbaseVedani nabaseJavani bahwebelana nawe; ngensimbi ecangcathiweyo, ikhasiya nekhalamusi, kwaba ngokwakho.
Endlalekise okwemfunda, nanjengezivande eziseceleni komfula, njengenhlaba etshalwe nguSimakade, nanjengemisedari ngaseceleni kwamanzi.
Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.
Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu.
isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.