Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 19:39 - IsiZulu 2020

39 Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku, waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra* ayikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 19:39
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayeseyala izinceku zakhe eziyizinyanga ukuba zigqumise isidumbu sikayise ngemithi. Izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.


Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.


Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.


Umbhede wami ngiwufafaze ngemure, ngenhlaba nangekinamona.


Othandiweyo wami uyisigaxa semure kimi, ulala phakathi kwamabele ami.


inadi nesafroni, nomhlanga nesinamoni, nazo zonke izihlahla zenhlaka, zemure, zenhlaba, nazo zonke izinhlobo zamakha ekhethelo.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, ngizoya entabeni yemure nasegqumeni lenhlaka.


Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe.


Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.”


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.


UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu.


Ngakho uJesu wathi: “Myeke, ukuze awalondolozele usuku lokungcwatshwa kwami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka