Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:16 - IsiZulu 2020 Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, umuhle, sithandwa sami, yebo, muhle; umbhede wethu nawo uluhlaza. |
Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.
Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.
Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”
Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.
Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.