Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:7 - IsiZulu 2020

7 Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bheka, luhlaka lukaSolomoni! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kukhona umbhede wakhe, ongokaSolomoni; phezu kwalo kukhona amaqhawe angamashumi ayisithupha, kwabesifazane abangamaqhawe akwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:7
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinika izinduna zabaqaphi ababeqapha umnyango wenkosi.


Kepha kwabakwa-Israyeli uSolomoni akenzanga namunye waba yisigqila, ngokuba bona babengamabutho, izinceku zakhe, izikhulu zakhe, abakhuzi bempi, abaphathi bezinqola zakhe nabamahhashi bakhe.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.


Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Wonke aphethe izinkemba, aqeqeshelwe impi, yileyo naleyo ndoda, inkemba yayo isenqulwini yayo, ngenxa yokwesaba ebusuku.


Inkosi uSolomoni izenzele indlwana yayo yokuyithwala ngemithi yaseLebhanoni.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.


UDavide wathi ku-Akhishi: “Kunjalo, yikhona uyokwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.” U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngakho-ke ngizokubeka ube ngumqaphi njalo.”


Iyakuthatha izinceku zenu, izincekukazi zenu, izinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, yenze ngazo imisebenzi yayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka