USimakade washaya uFaro nabendlu yakhe ngobhubhane ngenxa kaSarayi umka-Abhrama.
NgokukaMarku 3:10 - IsiZulu 2020 Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo. |
USimakade washaya uFaro nabendlu yakhe ngobhubhane ngenxa kaSarayi umka-Abhrama.
Kepha inyama isephakathi kwamazinyo abo, bengakayihlafuni, ulaka lukaSimakade lwabavuthela abantu. USimakade wabashaya abantu ngobhubhane olukhulu.
Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
Bamnxusa ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthintayo baphiliswa.
Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngokuthula; uphulukisiwe enhluphekweni yakho.”
Kwathi noma kuphi lapho engena khona, emizaneni, emizini, nasemakhaya, babeke abagulayo ezigcawini, bamncenge ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthintayo baphiliswa.
Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni.
Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke.
Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona.
kangangokuthi baze bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPhethro edlula, isithunzi sakhe sibeleke abanye babo.