Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




NgokukaMarku 3:10 - IsiZulu 2020

Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.

Uka jalj uñjjattʼäta



NgokukaMarku 3:10
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade washaya uFaro nabendlu yakhe ngobhubhane ngenxa kaSarayi umka-Abhrama.


Kepha inyama isephakathi kwamazinyo abo, bengakayihlafuni, ulaka lukaSimakade lwabavuthela abantu. USimakade wabashaya abantu ngobhubhane olukhulu.


Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke.


Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Bamnxusa ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthintayo baphiliswa.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngokuthula; uphulukisiwe enhluphekweni yakho.”


Kwathi noma kuphi lapho engena khona, emizaneni, emizini, nasemakhaya, babeke abagulayo ezigcawini, bamncenge ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthintayo baphiliswa.


Bafika eBhethsayida, baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte.


Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni.


Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke.


Induna yekhulu yayinenceku eyithandayo eyayisigulela ukufa.


Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona.


kangangokuthi baze bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPhethro edlula, isithunzi sakhe sibeleke abanye babo.


ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.”