Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 12:6 - IsiZulu 2020

6 ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 12:6
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.


Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe, kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.


Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe.


Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo, njengoyise eyala indodana ayithandayo.


Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa, kube yisithelo esiphelele sokususa isono sakhe, lapho enza wonke amatshe ase-althare abe yimvithi afane nomcako, kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera, ngisho nama-althare empepho imbala.


Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.


Kungani ukuba umuntu akhononde ngempilo yakhe na? Makakhononde ngezono zakhe.


Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka