Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 3:10
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.


Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.


Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.


Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”


Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.


Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe.


Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.


Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.


Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.


Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.


ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.


ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka