Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali
NgokukaMarku 1:21 - IsiZulu 2020 Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Baasraak Zulu New Testament Bible Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa. |
Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali
Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
Wababiza, masinyane base bemshiya esikebheni uyise uZebedewu nezisebenzi eziqashiweyo, bamlandela.
Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni.
UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni.
UJesu waphinde wangena eKhaphernawume emva kwezinsuku eziningi; kwezwakala ukuthi usekhaya.
UJesu wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu owayenesandla esishwabeneyo.
Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe?
Nawe Khaphernawume uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi.
Wafika eNazaretha lapho akhulela khona, wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengalokhu ayevame ukwenza kanjalo, wasukuma ukuba afunde.
Wathi kubo: “Impela niyakusisho kimi lesi saga, nithi: ‘Nyanga, zelaphe wena. Lokhu esizwa ukuthi ukwenzile eKhaphernawume, kwenze phela nalapha ezweni lakini.’ ”
UPawula, njengokwejwayelekile, wangena khona kwaze kwaba ngamasabatha amathathu, ephendulana nabo ngokusemibhalweni,