Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 1:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 1:21
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.


Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.


Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.


Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.


Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.


Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.


Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo.


Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni.* Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?


Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese.*


Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.


Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.


Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”


Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni,


Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka