Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
Mathewu 4:1 - IsiZulu 2020 UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. |
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.
Athi kuye: “Bheka, phakathi kwethu izinceku zakho kunamadoda angama-50 anamandla. Mawahambe ayofuna inkosi yakho, hleze uMoya kaSimakade uyikhuphulile, wayilahla entabeni thizeni noma esigodini.” Kepha wathi: “Ningawathumi.”
UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu.
UMoya kaNkulunkulu wangiphakamisa, wangiyisa nombono kulabo ababethunjelwe eKhalideya. Umbono engangiwubonile wenyuka, wasuka kimi,
UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”
Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kwakungathi isakhiwo somuzi ongaseningizimu.
UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.
Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.
Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,
Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile.