Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 8:39 - IsiZulu 2020

39 Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 8:39
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.


Athi kuye: “Bheka, phakathi kwethu izinceku zakho kunamadoda angama-50 anamandla. Mawahambe ayofuna inkosi yakho, hleze uMoya kaSimakade uyikhuphulile, wayilahla entabeni thizeni noma esigodini.” Kepha wathi: “Ningawathumi.”


Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.


Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu.


UMoya kaNkulunkulu wangiphakamisa, wangiyisa nombono kulabo ababethunjelwe eKhalideya. Umbono engangiwubonile wenyuka, wasuka kimi,


Isandla sikaSimakade sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaSimakade, sangibeka phakathi esigodini esasigcwele amathambo.


UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.


Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.


“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


UJesu esebhabhadisiwe, waphuma masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, ehlela phezu kwakhe.


Kwathi nje ukuba aphume emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.


Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.


wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


UMoya wathi kuFiliphu. “Sondela, uhambisane nale nqola.”


Wayeseyala ukuba ime inqola. Umthenwa noFiliphu behla baya emanzini, uFiliphu wayesembhabhadisa umthenwa.


Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.


okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.


Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!


Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka