Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.
Mathewu 26:72 - IsiZulu 2020 Wafunga wagomela ephika futhi, ethi: “Angimazi lowo muntu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. |
Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.
“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe, obizwa ngegama lika-Israyeli, ovela okhalo lukaJuda, ofunga igama likaSimakade, nobiza uNkulunkulu ka-Israyeli kungengaqiniso nakulunga.
Ningadlinzelani kube yilowo nalowo afune ukulimaza umakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zenkohliso, ngokuba konke lokho ngiyakuzonda,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Esephumile esangweni, enye intombazane yambona, yathi kwababelapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.”
Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.”
UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude.
UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”