Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 16:3 - IsiZulu 2020

kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza isimo sezulu, kepha yini ningakwazi ukubona izibonakaliso zezikhathi na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Futhi ekuseni nithi: ‘Namuhla izulu lizoba mnyama, ngokuba izulu libomvu, lisibekele. Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu; kepha aniziqondi izibonakaliso zezikhathi na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi ekuseni nithi: ‘Namuhla izulu lizoba mnyama, ngokuba izulu libomvu, lisibekele. Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu; kepha aniziqondi izibonakaliso zezikhathi na?

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 16:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwabozalo luka-Isakhare, labo ababeqonda ngezikhathi ukuba bazi okufanele kwenziwe ngu-Israyeli; izinhloko zabo ezazingama-200; bonke abafowabo balalela izwi labo.


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Bazenzisi, u-Izaya waphrofetha kahle ngani, lapho ethi:


UJesu, ebazi ububi babo, wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, yikhona-ke uzakubonisisa kahle ukuze ukhiphe uthi olusesweni lomfowenu.


“Maye, kini, ngokuba nifana namathuna angasabonakali, asebehamba phezu kwawo, bengawaboni!”


Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na?


Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Bazenzisi, yilowo nalowo kini kayikhiphi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe esibayeni, ayiqhube ukuba iyophuza na?


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.