Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 12:7 - IsiZulu 2020

Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga abangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga abangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 12:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabathukuthelela nabangani bakaJobe abathathu, ngoba babengavelanga nampendulo, nakuba uJobe babemlahla ngecala.


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.


Othetha ngecala isikhohlakali, nolahla ngecala olungileyo, bobabili bayisinengiso kuSimakade.


Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga Yena, namazwi abaphrofethi afundwa masabatha wonke, kodwa bawafeza ngokumlahla.


Nilahle ngecala, nambulala olungileyo ongakwazi ukumelana nani.


Nakuba bonke ababephume eGibhithe babesokiwe, bonke abazalelwa endleleni kudatshulwa ehlane emveni kokuphuma eGibhithe, babengasokiwe.


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.