Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 109:31 - IsiZulu 2020

31 Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 109:31
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Kungoba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kodwa ezingela umuntu owentulayo, ompofu nodabukileyo enhliziyweni, ukuba ababulale.


INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.


Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.


Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.


Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene.


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka