“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.
Mathewu 12:2 - IsiZulu 2020 AbaFarisi bekubona lokho, bathi kuye: “Awubheke ukuthi abafundi bakho benzani, benza okungavunyelwe ngesabatha.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha. |
“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.
niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa.
“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,
Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele.
Wathi kubo: “Anifundanga yini okwenziwa nguDavide nayehamba nabo mhla elambile,
AbaFarisi bathi kuye: “Kungani abafundi bakho benze okungavumelekile ngesabatha na?”
UJesu wayesebuza kuzo izazimthetho nabaFarisi, wathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha noma qha na?”
Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.