Niyakukudlela noma kuyiphi indawo, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu ethendeni lokuhlangana.
Mathewu 10:10 - IsiZulu 2020 Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. Baasraak Zulu New Testament Bible nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. Contemporary Zulu Bible 2024 nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. |
Niyakukudlela noma kuyiphi indawo, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu ethendeni lokuhlangana.
“Nakunoma yimuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, anocinga ofaneleyo, bese nihlala kuwo, nize nihambe kuleyo ndawo.
Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, baphathe kuphela udondolo; bangaphathi sinkwa, sikhwama sokuthekela, namali emigodleni yabo.
UJohane waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili, makaphe ongenangubo, nonokudla enze kanjalo.”
Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela: naludondolo, nasikhwama sokuthekela, nasinkwa, namali; ningawaphathi amabhantshi amabili.
Ijazi engalishiya eThrowa kuKharphu uboliphatha uma uza lapha, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
Wathatha induku yakhe wayiphatha ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfundlaneni, wawafaka esikhwameni somelusi, waphatha nendwayimane yakhe ngesandla. Wasondela kumFilisti.
USawule wayesethi encekwini yakhe: “Uma siya lapho, siyakumnikani lowo muntu na? Isinkwa siphelile emigodleni yethu, akusekho sipho esingasiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sisenani na?”