Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
KwabaseFilipi 3:12 - IsiZulu 2020 Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu. |
Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.
Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.
Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwehluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.
Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.
Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.
nakuphakama, nakujula, nanoma yini enye edaliweyo; akuyukuba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKhristu uJesu, iNkosi yethu.
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.
Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.
Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe.
Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.
njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.
UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni.
Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.
Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso,
Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.
Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.
nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,
makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.