Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 138:8 - IsiZulu 2020

8 USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova uyakugcwalisa okuqondene nami: umusa wakho, Jehova, umi phakade; ungayishiyi imisebenzi yezandla Zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 138:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?


Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke, nokho uyangibhubhisa.


Uyakungibiza, ngisabele, uyakuwulangazelela umsebenzi wezandla zakho,


Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe.


Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade, nokwethembeka kwakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Ngizokhala kuNkulunkulu oPhezukonke, kuNkulunkulu ongiphindiselelayo.


Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.


Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.


Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.


abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana.


Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.


Uthembekile onibizayo, futhi oyakukwenza lokho.


Ngakho labo abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu, mabanikele imiphefumulo yabo kuMdali owethembekileyo, baqhubeke benze okuhle.


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka