Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula; kwakwembulwa kwembeswa. Kwafika kuye u-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Yaleza endlini yakho, ngokuba awuyukusinda, uyakufa nokufa.’ ”
KwabaseFilipi 2:27 - IsiZulu 2020 Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. |
Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula; kwakwembulwa kwembeswa. Kwafika kuye u-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Yaleza endlini yakho, ngokuba awuyukusinda, uyakufa nokufa.’ ”
Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi.
Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.
Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.
Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.
Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.
wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’
Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.
Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa. Bamgeza base bembeka ekamelweni eliphezulu.
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.
Ngakho-ke ngizimisele kakhulu ukuba ngimthumele kini, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, nakimi lunciphe usizi.
ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.