Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 2:30 - IsiZulu 2020

30 ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 2:30
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.


Ngokuba okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.


Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami,


Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana, uFortunatu no-Akhayiku, lokhu basivalile isikhala sokungabi bikho kwenu lapha.


Kepha ngizakunikela ngokujabula okukhulu, nginikele ngakho konke, nangami uqobo, ngenxa yemiphefumulo yenu. Pho uma nginithanda kakhulu ngabe kufanele mina ngithandwe kancane yini na?


Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.


Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke.


Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi.


Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba.


Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


ebengifisa ukumgcina ahlale lapha ukuze angisize esikhundleni sakho, njengoba ngisaboshwe ngenxa yevangeli.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka