KwabaseFilipi 2:14 - IsiZulu 2020 Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, Baasraak Zulu New Testament Bible Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; Contemporary Zulu Bible 2024 Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; |
Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.
“Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami.
Ngokuba lawa mafutha ngabe athengisiwe ngodaneriyu abangaphezu kwama-300, kwaphiwa abampofu.” Base bemthukuthelela owesifazane.
Kwathi lapho sebefikile kubafundi, babona isixuku esikhulu sibangungile nezazimthetho ziqagulisana nabo.
AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”
Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.
Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi.
Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla.
Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,
Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu,
Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.
Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.
Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso.
Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.
Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.