Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 5:9 - IsiZulu 2020

9 Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 5:9
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”


Zehla zenyuka zifuna ukudla; uma zingasuthi, ziyagwavuma.


Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.


Kanjalo nani, lapho nibona kwenzeka konke lokhu, yazini ukuthi iNkosi iseduze ngasemnyango.


Kanjalo nani, uma nibona kwenzeka lezi zinto, niyokwazi ukuthi iNdodana yomuntu isiseduze ngasemnyango.


Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla.


Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.


Ngokuba umthetho wonke uqoqwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.


Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli.


Munye oshaya umthetho nongumehluleli, nguYena onamandla okusindisa nokubhubhisa. Pho-ke ungubani wena owehlulela umakhelwane wakho na?


Bazalwane, thathani njengesibonelo sokuhlupheka okubi nokubekezela, abaphrofethi ababekhuluma egameni leNkosi.


Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva.


Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo.


Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka