Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseFilipi 1:26 - IsiZulu 2020

ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKhristu uJesu ngobukhona bami futhi kini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

ukuze ukuthokoza kwenu kwengezelelwe kuKristu Jesu ngami ngokubuya kwami kini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

ukuze ukuthokoza kwenu kwengezelelwe kuKristu Jesu ngami ngokubuya kwami kini.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseFilipi 1:26
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu.


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


njengalokhu nisazile ingxenye, ukuthi siyiqholo lenu, kanjalo-ke nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.


Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzitusa ngathi, ukuze nikwazi ukuphendula labo abazigabisa ngokubonakalayo kungesikho okusenhliziyweni.


Ngokuba uma bengizincoma ngani kuye, angidumazekanga, njengalokhu konke esanitshela khona kuyiqiniso, ngakho nokunincoma kwethu kuThithu kutholakale kuyiqiniso.


Ngineqholo ngani, nginokuzigabisa okukhulu ngani, ngigcwele ukugqugquzeleka, futhi ngichichima intokozo phezu kosizi lonke olusikhungethe.


UNkulunkulu oduduza abadangeleyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu,


Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, khona eyakuzincoma ngawo, angawuqhathanisi nowomunye.


Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda.


Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,


Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!