UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”
KwabaseFilipi 1:13 - IsiZulu 2020 Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo; |
UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”
kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzanga lutho olufanele ukuba afe noma ukuboshwa.”
Kwathi sekwedlule izinsuku ezintathu, wabiza labo abadumile babaJuda ukuba beze kuye. Sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, nakuba mina kungekho lutho oluphambene nesizwe namasiko okhokho engilwenzileyo, nokho ngisuswe eJerusalema ngiboshiwe, nganikelwa ezandleni zamaRoma.
Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”
UPawula wahlala iminyaka emibili epheleleyo endlini yakhe ayeyiqashile, emukela bonke abeza kuye,
Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.
Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,
engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.
lokhu nani-ke nisalwa leyo mpi enangibona ngiyilwa, namanje nizwile ukuthi ngisayibambile.
Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.
engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.